Namuhla, ngisebenza kubantu bakaNkulunkulu abakhethiweyo eShayina ukuze ngembule zonke izimo zabo zokuhlubuka futhi ngembule bonke ububi babo, futhi lokhu kuhlinzeka ngesimo sokuthi ngisho konke engidinga ukukusho. Ngemva kwalokho ngizokwenza isigaba esilandelayo somsebenzi wokunqoba indawo yonke. Ngizosebenzisa ukunahlulela Kwami ukuze ngahlulele ukungalungi kwawo wonke umuntu endaweni yonke ngenxa yokuthi nina bantu nimelela ukuhlubuka kwesintu. Labo abangakwazi ukukhuphula amasokisi bayophenduka ize, kuyilapho labo abawakhuphulayo beyosetshenziswa. Kungani ngithi labo abangawakhuphuli bayophenduka ize? Ngenxa yokuthi amazwi nomsebenzi Wami wamanje kuyiqiniso enilifunayo nokuthi seniphenduke abameleli bezihlubuki eziphakathi kwaso sonke isintu. Kamuva la mazwi aninqobayo ngiyowahambisa kwamanye amazwe ngiwasebenzisele ukunqoba abantu khona, kodwa nina niyobe ningawazuzanga. Ingabe lokho ngeke kukwenze ungabi lutho? Izimo ezonakele zaso sonke isintu, ukuhlubuka komuntu, izithombe ezimbi nobuso babantu, konke kulotshiwe namuhla emazwini asetshenziselwe ukuninqoba. Ngiyobe sengisebenzisa la mazwi ukuze nginqobe abantu bazo zonke izizwe nayo yonke imibuso ngenxa yesibonelo senu. Kodwa angihlosile ukunishiya ngenhloso; uma nehluleka ukufuna izinto ezinhle futhi ningalufuni usizo, ngeke yini niphenduke ize? Ngake ngathi ukuhlakanipha Kwami kusetshenziswa ngokusekelwe kumaqhinga kaSathane. Kungani ngasho lokho? Ingabe lokho akulona iqiniso ngemva kwalokhu engikushoyo nengikwenzayo manje? Uma ungeke washeshisa, uma ungakapheleliswa kodwa kunalokho ujezisiwa, ubungeke yini ube yinto yokuqhathanisa? Mhlawumbe uhlupheke kakhulu esikhathini sakho, kodwa namanje usalokhu ungaqondi lutho; awazi lutho ngokuphila. Nakuba uye wasolwa futhi wahlulelwa, awukaguquki nhlobo futhi ekujuleni kwakho awukazuzi ukuphila. Lapho kufika isikhathi sokuvivinya umsebenzi wakho, uzobona isilingo sinonya njengomlilo futhi size sibe usizi olukhulu. Lo mlilo uzophendula bonke ubuwena bube umlotha. Njengomuntu ongenakho ukuphila, umuntu ongenalo nelincane igolide ngaphakathi, umuntu osalokhu enamathele esimweni sokonakala sakudala, futhi njengomuntu ongeke ngisho enze umsebenzi omuhle wokuba njengento yokuqhathanisa, kungenzeka kanjani ukuthi ungashabalaliswa? Umuntu onenani eliphansi kunopeni futhi ongenakho ukuphila, angabaluleka yini emsebenzini wokunqoba? Lapho leso sikhathi sifika, izinsuku zenu ziyoba nzima ukwedlula ezikaNowa nezaseSodoma! Imithandazo yenu ngeke inisize ngaleso sikhathi. Lapho umsebenzi wensindiso usuphelile, kungenzeka kanjani ukuba niphinde niqale phansi niphenduke? Lapho wonke umsebenzi wensindiso sewenziwe, ngeke kusaba khona umsebenzi wensindiso. Into eyoba khona ukuqala komsebenzi wokujezisa omubi. Uyamelana, uyahlubuka futhi wenza izinto owaziyo ukuthi zimbi. Ingabe awufanelwa yini isijeziso esinzima? Ngikutshela lokhu namuhla. Uma ukhetha ukungalaleli, lapho leyo nhlekelele ikwehlela kamuva, akuyobe sekwephuze kakhulu yini uma uqala ngaleso sikhathi ukuzisola bese uqala ukukholwa? Ngikunika ithuba lokuba uphenduke namuhla, kodwa awufuni. Ufuna ukulinda isikhathi eside kangakanani? Kuze kube usuku lolusolwa? Angizikhumbuli iziphambeko zakho ezedlule namuhla; ngikuthethelela ngokuphindaphindiwe, angibheki uhlangothi olubi lwakho ukuze ngibheke kuphela uhlangothi oluhle, ngoba onke amazwi Ami amanje kanye nomsebenzi wenzelwe ukusindisa wena futhi anginayo inhloso embi ngawe. Kodwa awufuni ukungena; awukwazi ukwehlukanisa okuhle kokubi futhi awukwazi ukuthi ungawazisa kanjani umusa. Ingabe lolu hlobo lomuntu alumane yini lulindele leso sijeziso kanye naleyo mbuyiselo elungile?

Bonke abantu badinga ukuqonda inhloso yomsebenzi Wami emhlabeni, okungukuthi, injongo yokugcina yomsebenzi Wami kanye nezinga ekumele ngifinyelele kulo kulo msebenzi ngaphambi kokuba ungaqedwa. Uma, emva kokuhamba nami kuze kube kulolu suku, abantu bengaqondi ukuthi umsebenzi Wami umayelana nani, lokho akusho ukuthi bekuyize ukuhamba Nami? Abantu abahamba Nami kumele bayazi intando Yami. Sengisebenze emhlabeni izinkulungwane zeminyaka, futhi kuze kube namuhla ngisenza umsebenzi wami ngale ndlela. Yize kukhona izinto ezininginingi ezitholakala emsebenzini Wami, inhloso yawo ilokhu ingaguqukile. Njengoba nje, ukwenza isibonelo, noma ngigcwele ukwehlulela nokusola okubhekiswe kumuntu, engikwenzayo kusengenxa yesizathu sokumsindisa, nangenhloso yokusabalalisa kangcono ivangeli Lami, nokwandisa umsebenzi Wami phakathi kwabo bonke abeZizwe ngemuva kokuthi umuntu enziwe waphelela. Ngakho-ke namuhla, esikhathini lapho abantu abaningi bedumele kakhulu emathembeni abo, ngisaqhubeka nomsebenzi Wami, ngiqhuba umsebenzi ekumele ngiwenze ukwehlulela nokusola umuntu. Phezu kokuthi umuntu ukhathele yinto engiyishoyo nangaphandle kokuthi akanasifiso sokukhathalela umsebenzi Wami, ngisaqhubeka nokwenza umsebenzi Wami ngoba inhloso yomsebenzi Wami ayikaguquki futhi nohlelo Lwami lwasekuqaleni alusoze lwabhidlika. Umsebenzi wokwahlulela Kwami ukwenza umuntu angilalele kangcono, nomsebenzi wokusola Kwami ukuvumela umuntu ukuba aguquke ngokunomthelela ongcono. Nakuba engikwenzayo kungenxa yokuphatha Kwami, angikaze ngenze noma yini engeyona inzuzo kumuntu. Lokhu kungoba ngifuna ukwenza zonke izizwe ngaphandle kuka-Israyeli zilalele njengama-Israyeli futhi ngizenze abantu bangempela, ukuze ngibe nendawo emazweni angaphandle kuka-Israyeli. Lokhu ukuphatha Kwami; kungumsebenzi engiwufezayo emazweni abeZizwe. Namanje, abantu abaningi abakakuqondi ukuphatha kwami ngoba abanandaba nalezi zinto, esikhundleni salokho bakhathalele kuphela ikusasa labo kanye nalapho beya khona. Noma ngingathini, abantu abanandaba nomsebenzi engiwenzayo, banaka kuphela isiphetho zabo esikhathini esizayo. Uma izinto ziqhubeka ngale ndlela, umsebenzi Wami ungakhula kanjani? Ivangeli Lami lingasabalaliswa kanjani emhlabeni wonke? Kumele nazi ukuthi lapho umsebenzi Wami wanda, ngizonihlakaza, futhi Ngizonishaya njengoba nje uJehova ashaya izizwe zakwa-Israyeli. Konke lokhu kuzokwenziwa ukuze ivangeli Lami lisabalale emhlabeni wonke, nokusabalalisa umsebenzi Wami kubantu beZizwe, ukuze igama Lami lidunyiswe ngabadala nezingane ngokufanayo, negama Lami elingcwele liphakanyiswe emilonyeni yabantu bakuzo zonke izinhlanga nezizwe. Kungenxa yokuthi kulesi sikhathi sokugcina, igama Lami liphakanyiswe phakathi kwabantu beZizwe, ukuba izenzo Zami zibonwe abeZizwe futhi bangibize ngoSomandla ngenxa yezenzo zami, bese amazwi Ami enzeke ngokushesha. Ngizokwenza bonke abantu bazi ukuthi angisiyena uNkulunkulu wama-Israyeli kuphela, kodwa futhi uNkulunkulu wabo bonke abantu beZizwe, ngisho nezizwe engiziqalekisile. Ngizokwenza bonke abantu babone ukuthi nginguNkulunkulu wayo yonke indalo. Lona ngumsebenzi Wami omkhulu kakhulu, inhloso yohlelo lomsebenzi Wami ezinsukwini zokugcina, futhi yiwona kuphela umsebenzi okumele ufezwe ngezinsuku zokugcina.


Umoya Wami Uyavuma Uthi Yebo Nkosi Mp3 Download


Download File 🔥 https://bytlly.com/2y7O66 🔥



Umsebenzi ebengiwuphethe izinkulungwane zeminyaka wembulwe ngokuphelele kumuntu ezinsukwini zokugcina nje kuphela. Kumanje kuphela lapho ngembule yonke imfihlakalo yokuphatha Kwami. Umuntu uyayazi inhloso yomsebenzi Wami futhi, ngaphezu kwalokho, usethole ukuqonda ngazo zonke izimfihlakalo Zami. Futhi umuntu ngimtshelile yonke into ngesiphetho akhathazeke ngaso. Sengimvezelile umuntu izimfihlo ebezisithakele ngaphezu kwezi-5,900 zeminyaka. Ngubani uJehova? Ngubani uMesiya? Ngubani uJesu? Kumele nibazi bonke laba. Umsebenzi Wami uzungeza kula magama. Nikuqondile lokho? Kufanele limenyezelwe kanjani igama Lami elingcwele? Kufanele lisatshalaliwe kanjani igama Lami kunoma isiphi isizwe esezingimemezile ngelinye lamagama Ami? Umsebenzi Wami ususendleleni yokwanda, futhi ngizosabalalisa ukugcwala kwawo kuzo zonke izizwe. Njengoba umsebenzi Wami wenziwe kini, ngizonishaya njengoba uJehova ashaya abelusi bendlu kaDavide kwa-Israyeli, nginenze nisabalale kuzo zonke izizwe. Ngoba ezinsukwini zokugcina, ngizobhubhisa zonke izizwe futhi ngenze abantu bazo basabalaliswe kabusha. Mhla sengibuya futhi, izizwe zizobe sezahlukanisekile ngemingcele ebekwe ngamalangabi Ami avuthayo. Ngaleso sikhathi ngiyoziveza kabusha kumuntu njengelanga elingqongqisayo, ngizibonakalise kubona obala ngomfanekiso woNgcwele abangakaze bawubone, ehamba phakathi kwezizwe eziningi, njengoba Mina, Jehova, ngahamba phakathi kwezizwe zamaJuda. Kusukela lapho kuya phambili, ngizobahola abantu ezimpilweni zabo emhlabeni. Bazoyibona nakanjani inkazimulo Yami baphinde babone insika yefu emoyeni ukubahola ezimpilweni zabo, ngoba ngizovela ezindaweni ezingcwele. Umuntu uzolubona usuku Lwami lokulunga nokubonakaliswa Kwami okukhazimulayo. Lokho kuzokwenzeka mhlazane ngibusa kuwo wonke umhlaba ngiphinde ngilethe amadodana Ami amaningi enkazimulweni. Bonke bazokhothama kuyo yonke indawo emhlabeni, kuthi nethabanekeli Lami lizomiswa liqine phakathi kwesintu, phezu kwedwala lomsebenzi engiwenzayo namhlanje. Abantu futhi bazongikhonza ethempelini. I-altare, eligcwele ukungcola, izinto ezizondekayo, ngizolidiliza libe zicucu bese ngilakha kabusha. Amawundlu azelwe namathole ayonqwatshelwa phezu kwe-altare elingcwele. Ngizobhidliza ithempeli lanamuhla bese ngakha elisha. Ithempeli elimile manje, eligcwele abantu abayisinengiso, lizobhidlika, futhi lelo engizolakha lizogcwala izinceku ezithembekile Kimi. Zizophinda futhi zime zingikhonze ngenxa yenkazimulo yethempeli Lami. Nakanjani nizolubona usuku engiyothola ngalo inkazimulo enkulu, nani nakanjani niyolubona usuku lapho ngibhidliza khona ithempeli ngiphinde ngakhe elisha. Futhi niyolubona nakanjani usuku lokuza kwethabanekeli Lami emhlabeni wabantu. Lapho ngibhidliza ithempeli, kanjalo ngiyoletha ithabanekeli Lami emhlabeni wabantu, lapho nje bebona ukwehla Kwami. Ngemuva kokuchitha zonke izizwe, ngiyophinda ngizihlanganise ndawonye kabusha, kusuka lapho ngakhe ithempeli Lami futhi ngimise i-altare Lami, ukuze bonke balethe imihlatshelo Kimi, bangikhonze ethempelini Lami, baphinde bazinikele ngokuthembeka emsebenzini Wami kubantu beZizwe. bayoba njengama-Israyeli anamuhla, begqoke ingubo yompristi nomqhele, nenkazimulo Yami, Mina Jehova, iphakathi kwabo nobukhosi Bami buphezu kwabo futhi buhlezi nabo. Umsebenzi Wami kwabeZizwe nawo uzokwenziwa ngendlela efanayo. Njengoba umsebenzi Wami wawunjalo kwa-Israyeli, nakubantu beZizwe uyoba njalo ngoba ngizokwandisa umsebenzi Wami kwa-Israyeli ngiphinde ngiwusabalalisele kwabeZizwe. 006ab0faaa

espn boxing

gabor mate the myth of normal pdf free download

download lagu yang terdalam x bintang

math equation font free download

https web.whatsapp.com download pc